27 ngokuba wasibekela ubuso bakhe ngamafutha akhe,wenza umvingqi okhalweni lwakhe.
28 Wahlala emizini ebiyakuchithwa,nasezindlini ebezingahlalwa,ezaziyakuba ngamanxiwa nje.
29 Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma,nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.
30 Akayikusuka ebumnyameni;ilangabi liyakushisa amagatsha akhe,amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.
31 Makangethembi ezeni, ezikhohlisa,ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.
32 Kuyakufezwa kungakabi yisikhathi,negatsha lakhe alisayikuba luhlaza.
33 Uyakuvuthulula igwanya lakhe njengomvini,alahle imbali yakhe njengomnqumo.