28 Wahlala emizini ebiyakuchithwa,nasezindlini ebezingahlalwa,ezaziyakuba ngamanxiwa nje.
29 Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma,nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.
30 Akayikusuka ebumnyameni;ilangabi liyakushisa amagatsha akhe,amuke ngokuphefumula komlomo kaNkulunkulu.
31 Makangethembi ezeni, ezikhohlisa,ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.
32 Kuyakufezwa kungakabi yisikhathi,negatsha lakhe alisayikuba luhlaza.
33 Uyakuvuthulula igwanya lakhe njengomvini,alahle imbali yakhe njengomnqumo.
34 Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakubayinyumba,umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.