3 Aphikisane ngamazwi angasizilutho nangezinkulumo ezingenalusizo na?
4 Yebo, uyachitha ukwesaba,unciphisa ukuzindla phambi kukaNkulunkulu.
5 Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho;ukhetha ulimi lwabanobuqili.
6 Ngumlomo wakho okulahlayo,akusimi;izindebe zakho ziyafakaza ngawe.
7 Ungumuntu wokuqala owazalwayo na?Wavela ngaphambi kwezintaba na?
8 Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu,wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?
9 Wazini esingayazi thina na?Uqonda ntoni engekho kithina na?