13 Abacibishelayo bakhe bangihaqa;uyaqhekeza izinso zami engenasihawu;uchithela inyongo yami emhlabathini.
14 Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi,angidumele njengeqhawe.
15 “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami.ngingcolisile uphondo lwami othulini.
16 Ubuso bami bubomvu ngokukhala;ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,
17 noma kungekho ubudlova ezandleni zaminokukhuleka kwami kulungile.
18 Mhlaba, ungathukusi igazi lami;ukukhala kwami makungabi nandawo.
19 Namanje bheka,ufakazi wami usezulwini;ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.