2 “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo;nina nonke ningabaduduzi ababi.
3 Amazwi angumoya nje awayikuphela yini?Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?
4 Nami ngingakhuluma njengani;uma imiphefumulo yenu ibisesikhundlenisomphefumulo wami,bengiyakuhlanganisa amazwi ngani,ngininikinele ikhanda lami.
5 Benginganiqinisa ngomlomo,induduzo yezindebe zami inidambise.
6 “Noma ngikhuluma,ubuhlungu bami abudanjiswanga;noma ngiyeka,kuyini okumuka kimi na?
7 Kepha manje ungikhathazile,uyichithile yonke indlu yami.
8 Ungicindezele, kungubufakazi;ukonda kwami kuyangivukela,kufakaze ebusweni bami.