1 “Umoya wami usuchithekile, imihla yami iyacimeka;okwami sekuyithuna nje.
2 Impela kukhona abangiklolodelayo,iso lami lisekucunuleni kwabo.
3 Ake unginike isibambiso, ungimele;ngubani oyakuxhawulana nami na?
4 Ngokuba uvalile izinhliziyo zabo zingaqondi;ngalokho awuyikubaphakamisa.
5 Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo,amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.
6 Ungibeke isaga sabantu,ngibe ngokhafulelwa ebusweni.
7 Iso lami lifiphele ngosizi;onke amalungu ami anjengethunzi.