4 Ngokuba uvalile izinhliziyo zabo zingaqondi;ngalokho awuyikubaphakamisa.
5 Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo,amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.
6 Ungibeke isaga sabantu,ngibe ngokhafulelwa ebusweni.
7 Iso lami lifiphele ngosizi;onke amalungu ami anjengethunzi.
8 Abaqotho bayethuswa yilokho;ongenacala uyavukela ongenaNkulunkulu.
9 Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe;onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.
10 Nokho buyani nonke phela, nize;kodwa angiyikuthola phakathi kwenu ohlakaniphileyo.