1 Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
2 “Koze kube nini nibekela amazwi ami izingibe na?Qondani, andukuba sikhulume.
3 Kungani ukuba sithiwe siyizilwane,singcolile emehlweni enu, na?
4 Wena ozidwengula olakeni lwakho,umhlaba uyakushiywa ngenxa yakho,nedwala lisuswe endaweni yalo, na?
5 Yebo, nokukhanya komubi kuyakucimeka,nelangabi lomlilo wakhe aliyikukhanya.
6 Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe,nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.