6 Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe,nesibani sakhe phezu kwakhe siyakucimeka.
7 Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa;amasu akhe ayamlahla phansi.
8 Ngokuba uyaphonswa yizinyawo zakhe enetheni,uhamba phezu kweveku.
9 Isicupho siyakumbamba ngesithende;ifolo liyakumbamba.
10 Uthukuselwe inkintshela emhlabathini,nesihibe emgwaqweni.
11 Ingebhe iyakumethusa nxazonke;iyamzingela ezinyathelweni zakhe.
12 Ububi buyakumlambela,ulungiselwe ingozi eceleni kwakhe.