1 Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami,ningiphohloze ngamazwi, na?
3 Seningihlazisile kayishumi;aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?
4 Uma impela ngidukile,ukuduka kwami kukimi ngedwa.
5 Uma impela niyazikhukhumezela kimi,niphikisane nami ngehlazo lami,