12 Amabutho akhe afika kanyekanye,alungise indlela ukuba angisukele;amisa nxazonke zetende lami.
13 “Udedisile kimi abafowethu,nabazana nami sebahlukene impela nami.
14 Izihlobo zami zingishiyile,nengazana nabo bangikhohliwe.
15 Abagogobele endlini yaminezincekukazi zami bangishaya umfokazi;ngingowezizwe emehlweni abo.
16 Ngibiza inceku yami,kayingiphenduli;ngiyayinxusa ngomlomo wami.
17 Umoya wami mubi kumkami,ngiyanuka kubantwana besisu sikamame.
18 Yebo, nezingane ziyangidelela;uma ngivuka, zikhuluma ngami.