22 Ningizingelelani njengoNkulunkulu,ningasuthi ngenyama yami na?
23 “Sengathi amazwi ami angalotshwa!Sengathi angabhalwa encwadini,
24 aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu,kuze kube phakade!
25 Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona;ekupheleni uyakuma othulini.
26 Nalapho sesishabalele isikhumba sami,ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami,
27 engiyakumbona uqobo lwami;amehlo ami ayakumbona,kungabi njengomfokazi;okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami.
28 Uma nithi: ‘Siyakumxosha yini pho!njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi,’