6 yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele,ungihaqe ngenetha.
7 Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’Kepha angiphendulwa;ngicela ukusizwa,kodwa akukho ukwahlulelwa.
8 Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula;ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
9 Ungikhumulile udumo lwami;ususile umqhele ekhanda lami.
10 Ungidilizile nxazonke, sengimukile;usiphulile ithemba lami njengomuthi.
11 Ungivuthisele intukuthelo yakhe,wangishaya njengezitha kuye.
12 Amabutho akhe afika kanyekanye,alungise indlela ukuba angisukele;amisa nxazonke zetende lami.