1 Wayesethatha uSofari umNahama, wathi:
2 “Ngalokho imicabango yami iyangiphendulangenxa yokushesha okuphakathi kwami.
3 Ngiyezwa insolo engihlazisayo,kepha umoya wasengqondweni yami uyangiphendula.
4 “Awukwazi yini ukuba lokhu kungokwasendulo,selokhu abantu babekwa emhlabeni,
5 ukuthi ukujabula kwababi kufushane,nokuthokoza kwabangenaNkulunkulukungokokuphazima kweso nje, na?
6 Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini,nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,
7 uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe;abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’