12 “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,
13 noma ebugodla engabushiyi,kepha ebugcina emlonyeni wakhe,
14 kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe,kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.
15 Ugwinyile ingcebo;uyakubuye ayihlanze;uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.
16 Uyakumunca isihlungu samabululu;ulimi lwenyoka luyakumbulala.
17 Akayikubuka imifula,iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.
18 Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi;ngempahla ayitholileyo akayikujabula.