5 ukuthi ukujabula kwababi kufushane,nokuthokoza kwabangenaNkulunkulukungokokuphazima kweso nje, na?
6 Noma ubukhulu bakhe bukhuphukela ezulwini,nekhanda lakhe lifinyelela emafwini,
7 uyakubhubha kuze kube phakade njengamasimba akhe;abambonayo bayakuthi: ‘Uphi na?’
8 Uyakundiza njengephupho,angabe esafunyanwa;uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.
9 Iso elalimgqolozela alisamboni,nendawo yakhe ayisamboni.
10 Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu,izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.
11 Amathambo akhe agcwele ubusha,kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.