9 Iso elalimgqolozela alisamboni,nendawo yakhe ayisamboni.
10 Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu,izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.
11 Amathambo akhe agcwele ubusha,kepha buyakulala phansi kanye naye othulini.
12 “Noma ububi bumnandi emlonyeni wakhe,noma ebufihla phansi kolimi lwakhe,
13 noma ebugodla engabushiyi,kepha ebugcina emlonyeni wakhe,
14 kuyaguquka nokho ukudla kwakhe phakathi kwakhe,kube yinyongo yamabululu ezibilinini zakhe.
15 Ugwinyile ingcebo;uyakubuye ayihlanze;uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.