13 Baqeda imihla yabo ngokuhle,behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
14 Nokho bathi kuNkulunkulu:‘Suka kithi,asifuni ukwazi izindlela zakho.
15 USomandla uyini ukuba simkhonze na?Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’
16 Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo;icebo lababi malibe kude nami.
17 “Kukangaki isibani sababi sicimeka,nengozi ibehlela,babelwe izabelo ngentukuthelo, na?
18 Babeyakuba njengezibi phambi komoya,nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.
19 UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo;yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.