15 USomandla uyini ukuba simkhonze na?Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’
16 Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo;icebo lababi malibe kude nami.
17 “Kukangaki isibani sababi sicimeka,nengozi ibehlela,babelwe izabelo ngentukuthelo, na?
18 Babeyakuba njengezibi phambi komoya,nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.
19 UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo;yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.
20 Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo,bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.
21 Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo,lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?