16 Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo;icebo lababi malibe kude nami.
17 “Kukangaki isibani sababi sicimeka,nengozi ibehlela,babelwe izabelo ngentukuthelo, na?
18 Babeyakuba njengezibi phambi komoya,nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.
19 UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo;yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.
20 Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo,bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.
21 Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo,lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?
22 UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi,yena owahlulela abaphakemeyo, na?