20 Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo,bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.
21 Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo,lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?
22 UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi,yena owahlulela abaphakemeyo, na?
23 “Omunye ufa esemi kahle kukho konke,ezinzile, enokuthula.
24 Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha;umnkantsha wamathambo akhe umanzi.
25 Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,engazange adle okuhle.
26 Balala phansi othulini kanyekanye;izimpethu ziyabasibekela.