24 Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha;umnkantsha wamathambo akhe umanzi.
25 Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,engazange adle okuhle.
26 Balala phansi othulini kanyekanye;izimpethu ziyabasibekela.
27 Bhekani, ngiyazi imicabango yenu,namacebo enu eniyakungona ngawo.
28 Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,liphi itende lokuhlala kwababi, na?’
29 Anibuzanga abadlula endleleni,nibazi ubufakazi babo
30 bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswanokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?