6 Lapho ngikhumbula nje,ngishaywa luvalo;ukwesaba kubamba inyama yami.
7 Ababi baphilelani,baze babe badala,yebo, bakhule emandleni, na?
8 Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo,nabantwana babo phambi kwamehlo abo.
9 Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe;uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.
10 Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi;inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.
11 Bakhipha izingane zabo njengomhlambi;abantwana babo bayagida.
12 Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,*bathokoza ngezwi lomtshingo.