6 Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kumfowenu,wahlubula abampofu izingubo zabo.
7 Awumphuzisanga owomileyo amanzi,wamgodlela olambileyo ukudla.
8 Umuntu onamandla, izwe lingelakhe;onodumo uyahlala kulo.
9 Umukisile abafelokazi bengenalutho;izingalo zezintandane zaphuliwe.
10 Ngalokho izingibe ziyakuhaqa;uvalo oluzumayo luyakwethusa.
11 Ukukhanya kwakho kuphenduke ubumnyama,ukuze ungaboni,nesikhukhula samanzi siyakusibekela.
12 “UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na?Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.