12 Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.
13 “Kodwa uyinto inye,ngubani ongambuyisa na?Okufisayo umphefumulo wakhe,lokho uyakwenza.
14 Uyakufeza engikumiselweyo;izinto eziningi ezinjalo zikuye.
15 Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe;lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.
16 NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami,uSomandla ungethusile,
17 ngokuba anginqunywanga,bungakafiki ubumnyama;wangifihlela ukuhlwa.