2 “Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu;isandla sami siyasinda ngokububula kwami.
3 Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi,ngize ngifike endlini yakhe,
4 ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe,ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.
5 Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo,ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.
6 Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na?Cha, ubeyakubhekisa kimi.
7 Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye,mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.
8 Kodwa bheka, ngiya empumalanga,kepha akakho,nasentshonalanga, kepha angimboni,