8 Kodwa bheka, ngiya empumalanga,kepha akakho,nasentshonalanga, kepha angimboni,
9 nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa;ujikela ngaseningizimu,kepha akabonakali.
10 Ngokuba uyayazi indlela yami;esengivivinyile,ngiyakuphuma njengegolide.
11 Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;ngigcinile indlela yakhe,angiphambukanga.
12 Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.
13 “Kodwa uyinto inye,ngubani ongambuyisa na?Okufisayo umphefumulo wakhe,lokho uyakwenza.
14 Uyakufeza engikumiselweyo;izinto eziningi ezinjalo zikuye.