6 Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe,nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.
7 Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho;uphanyeka umhlaba phezu kweze.
8 Ubopha amanzi emafwini akhe;ifu alidabuki phansi kwawo.
9 Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi;uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.
10 Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi,kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.
11 Izinsika zezulu ziyathuthumela;ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.
12 Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi;ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.