11 “Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu;okukuSomandla angiyikukufihla.
12 Bhekani, nina nonke nikubonile;kungani ukuba nizenze ize na?
13 “Lokhu kuyisabelo somuntu omubi kuNkulunkulu,nefa lezidlwangudlwangu ezilamukela kuSomandla.
14 Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba;inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.
15 Abasele kuye bayakumbelwa ekufeni,abafelokazi babo bangalili.
16 Noma enqwabela isiliva njengothuli,alungise izambatho njengodaka,
17 makakulungise,kepha kuyakwembathwa ngolungileyo,ongenacala abele isiliva.