16 Noma enqwabela isiliva njengothuli,alungise izambatho njengodaka,
17 makakulungise,kepha kuyakwembathwa ngolungileyo,ongenacala abele isiliva.
18 Uyakha indlu yakhe njengenundu,ibe njengedlangala elakhiwa ngumlindi.
19 Uyalala enothile,angakuphindi kodwa;uyavula amehlo akhe, abe engasekho.
20 Ingebhe iyamehlela njengamanzi;isivunguvungu siyamphephula ebusuku.
21 Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke;uyambhengula endaweni yakhe.
22 Uyacibishelwa engahawukelwa;uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.