18 Uyakha indlu yakhe njengenundu,ibe njengedlangala elakhiwa ngumlindi.
19 Uyalala enothile,angakuphindi kodwa;uyavula amehlo akhe, abe engasekho.
20 Ingebhe iyamehlela njengamanzi;isivunguvungu siyamphephula ebusuku.
21 Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke;uyambhengula endaweni yakhe.
22 Uyacibishelwa engahawukelwa;uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.
23 Abantu bayakumshayela ihlombe,bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.