2 Insimbi iyakhishwa emhlabathini;amatshe ayancibilikiswa abe yithusi.
3 Ubumnyama bubekelwa umkhawulo;kuyacingwa kuze kube sekupheleni konkeamatshe esigayegaye nethunzi lokufa.
4 Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu,lapho bekhohlakele khona lunyawo;bayalenga, bajikajika kude nabantu.
5 Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla,kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.
6 Amatshe awo ayindawo yamasafire;*inothuli lwegolide.
7 Lowo mgudu awaziwa yinqe,neso loheshe aliwubonanga.
8 Izilwane ezinkulu azihambanga ngawo,nengonyama ayidlulanga ngawo.