4 Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu,lapho bekhohlakele khona lunyawo;bayalenga, bajikajika kude nabantu.
5 Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla,kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.
6 Amatshe awo ayindawo yamasafire;*inothuli lwegolide.
7 Lowo mgudu awaziwa yinqe,neso loheshe aliwubonanga.
8 Izilwane ezinkulu azihambanga ngawo,nengonyama ayidlulanga ngawo.
9 Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha,agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.
10 Uqhekeza imihohoba emadwaleni;iso lakhe liyabona konke okuyigugu.