6 Amatshe awo ayindawo yamasafire;*inothuli lwegolide.
7 Lowo mgudu awaziwa yinqe,neso loheshe aliwubonanga.
8 Izilwane ezinkulu azihambanga ngawo,nengonyama ayidlulanga ngawo.
9 Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha,agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.
10 Uqhekeza imihohoba emadwaleni;iso lakhe liyabona konke okuyigugu.
11 Uyavimba imifula ukuba ingaconsi;imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.
12 “Kepha ukuhlakanipha kufumanisekaphi?Iphi indawo yokuqonda na?