9 Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha,agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.
10 Uqhekeza imihohoba emadwaleni;iso lakhe liyabona konke okuyigugu.
11 Uyavimba imifula ukuba ingaconsi;imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.
12 “Kepha ukuhlakanipha kufumanisekaphi?Iphi indawo yokuqonda na?
13 Umuntu kalazi inani lakho;akutholakali ezweni labaphilayo.
14 Utwa luthi: ‘Akukho kimi;’ulwandle luthi: ‘Akukho kimi.’
15 Akunakuzuzwa ngegolide;intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.