1 Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.
2 UJobe wathatha wathi:
3 “Makubhubhe usuku engazalwa ngalo,nobusuku obathi: ‘Ukhulelwe umntwana wesilisa.’
4 Lolo suku malube ngubumnyama;uNkulunkulu makangalunaki ephezulu,ukukhanya makungakhanyiswa kulo.
5 Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona,kuhlale ifu phezu kwalo;okwenza mnyama usuku makulwesabise.
6 Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe;mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka,bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
7 Bheka,lobo busuku mabungabi nalutho,kungangeni ukujabula kubo.