9 Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama;mabulinde ukukhanya kungabikho,bungaboni izinkophe zokusa,
10 ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame,abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami.
11 “Angifanga ngani esizalweni na?Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?
12 Amadolo angamukeleleni,namabele ukuba ngincele, na?
13 Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule;khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula
14 kanye namakhosi nabeluleki bomhlabaabazakhela izinqaba zamathuna,
15 noma kanye nezikhulu ezinegolideezazigcwalisa izindlu zazo ngesiliva,