11 Bakhululile imichilo yabo,bangithobisa;balahlile itomu phambi kwami.
12 Ngakwesokunene kuvuka amachwensa;agudlumeza izinyawo zami,anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.
13 Achitha umkhondo wami;asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.
14 Angena kungathi ngesikhala esibanzi;phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.
15 Ingebhe ithululwa phezu kwami;njengomoya luyaxoshwa udumo lwami;inhlalakahle yami iyadlula njengefu.
16 “Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami;izinsuku zosizi zingibambile.
17 Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi;ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.