18 Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele;unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.
19 Ungiphonsile odakeni;sengifana nothuli nomlotha.
20 “Ngikhala kuwe,kepha awungiphenduli;ngimi lapha, uyangibuka nje.
21 Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya;ngamandla esandla sakho uyangizingela.
22 Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo,wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
23 Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeninasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.
24 “Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni,akhale uma esengozini, na?