21 Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya;ngamandla esandla sakho uyangizingela.
22 Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo,wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
23 Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeninasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.
24 “Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni,akhale uma esengozini, na?
25 Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na?Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?
26 Lapho ngabheka okuhle,kwafika okubi;ngalindela ukukhanya,kwafika ubumnyama.
27 Izibilini zami ziyaxhuxhuzela,aziphumuli;izinsuku zosizi zingehlele.