4 Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni;izimpande zezinwele zingukudla kwabo.
5 Bayaxoshwa phakathi kwabantu;bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.
6 Bahlala ezigodini ezesabekayo,nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.
7 Bayakhonya phakathi kwezihlahla;phansi kwezimbabazane bayabuthana,
8 bengabantwana beziwula,abantwana babangenamagama,beshaywa, bexoshwa ezweni.
9 “Manje sengihaywa yibo,yebo, sengiyisaga sabo.
10 Bayanengwa yimi, bemi kude nami;abayeki ukungikhafulela ngamathe.