12 Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni,kusishulwe yonke inzuzo yami.
13 “Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yaminoma okwencekukazi yami,lapho bephikisana nami,
14 ngiyakwenze njani,lapho uNkulunkulu evuka,nalapho engiphenya,ngingaphendula ngokuthini na?
15 Owangenza mina esiswini,wabenza nabo;owasibumba esizalweni munye.
16 “Uma nginqabele abampofu abakufisayo,ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
17 ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa,ingaludlanga nentandane
18 hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise;kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi