6 U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi:“Mina ngisemusha ngeminyaka,nina nibadala;ngalokho nganginamahloni,ngesaba ukunitshela umqondo wami.
7 Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku,ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’
8 Nokho kukhona umoya kumuntu;ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.
9 Abakhulu abahlakaniphile,nabadala abaqondi ukwahlulela.
10 “Ngalokho ngithi: Ngizweni;nami ngiyakusho umqondo wami.
11 Bhekani, ngilindele amazwi enu,ngabeka indlebe emiqondweni yenu,nisaphenya eniyakukusho.
12 Nganilalela nina;bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobenowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.