1 “Kepha manje, Jobe mawuzwe amazwi ami,
2 Bheka-ke, sengivula umlomo wami;ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.
3 Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho;okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
4 Umoya kaNkulunkulu ungenzile,nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.