10 Bheka, uthola amathuba ngami,ungishaya isitha sakhe.
11 Ufaka izinyawo zami ezingongolweni,aqaphele zonke izindlela zami.
12 “Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho,ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.
13 Umphikiselani ngokuthi:Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.
14 Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye,yebo, nakabili, umuntu engakunaki.
15 Ephusheni nasembonweni wasebusuku,lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima,bozela emacansini,
16 khona uyavula izindlebe zabantu,abeke uphawu ekufundisweni kwabo,