12 “Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho,ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.
13 Umphikiselani ngokuthi:Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.
14 Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye,yebo, nakabili, umuntu engakunaki.
15 Ephusheni nasembonweni wasebusuku,lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima,bozela emacansini,
16 khona uyavula izindlebe zabantu,abeke uphawu ekufundisweni kwabo,
17 ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe,anqume ukuzidla kumuntu;
18 unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni,nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.