15 Ephusheni nasembonweni wasebusuku,lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima,bozela emacansini,
16 khona uyavula izindlebe zabantu,abeke uphawu ekufundisweni kwabo,
17 ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe,anqume ukuzidla kumuntu;
18 unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni,nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.
19 Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe,nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.
20 Inhliziyo iyanengwa ngukudla,nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.
21 Inyama yakhe iyadliwa,ingabe isabonwa;amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.