2 Bheka-ke, sengivula umlomo wami;ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.
3 Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho;okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
4 Umoya kaNkulunkulu ungenzile,nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.
5 Uma ukwazi, ngiphendule;zihlele phambi kwami, ume.
6 Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu:ngibunjiwe nami ngebumba.
7 Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa,nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.
8 “Impela wakhuluma ezindlebeni zami,ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi: