20 Inhliziyo iyanengwa ngukudla,nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.
21 Inyama yakhe iyadliwa,ingabe isabonwa;amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.
22 Umphefumulo wakhe uyasondela egodini,nokuphila kwakhe kubabulali.
23 “Uma kukhona ingelosi kuye,nehumusha noma yiliphi enkulungwanenilokuba litshele umuntu okumlungeleyo,
24 uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi:‘Mkhulule ukuba angehleli egodini,sengitholile ihlawulo,’
25 inyama yakhe ibe ntsha kuneyomntwana,abuyele emihleni yobusha bakhe,
26 khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye,abone ubuso bakhe ngokujabula,abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.