21 Inyama yakhe iyadliwa,ingabe isabonwa;amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.
22 Umphefumulo wakhe uyasondela egodini,nokuphila kwakhe kubabulali.
23 “Uma kukhona ingelosi kuye,nehumusha noma yiliphi enkulungwanenilokuba litshele umuntu okumlungeleyo,
24 uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi:‘Mkhulule ukuba angehleli egodini,sengitholile ihlawulo,’
25 inyama yakhe ibe ntsha kuneyomntwana,abuyele emihleni yobusha bakhe,
26 khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye,abone ubuso bakhe ngokujabula,abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.
27 Usehlabelela phambi kwabantu, uthi:‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga,kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo: